Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Corinthians 10

:
Zulu - 2023
1 Phezu kwalokho, bazalwane, angithandi ukuba ningazi, ukuthi obaba bonke babephansi kwefu, badabula ulwandle bonke;
2 Bonke babhapathizwa kuMose efwini naselwandle;
3 Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;
4 Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.
5 Kepha uNkulunkulu akajabulanga ngabaningi babo, ngokuba bachithwa ehlane.
6 Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.
7 Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengabanye kubo; njengokulotshiweyo ukuthi: Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.
8 Futhi masingaphingi, njengabanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye izinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
9 Futhi masingamlingi uKristu, njengabanye kubo bamlinga, babulawa yizinyoka.
10 Futhi ningabubuli njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbhubhisi.
11 Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.
12 Ngakho-ke othi umile makaqaphele ukuba angawi.
13 Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.
14 Ngakho-ke, bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
15 Ngikhuluma njengabahlakaniphileyo; yahluleleni engikushoyo.
16 Inkezo yesibusiso esiyibusisayo, ayisikho ukuhlanganyela kwegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo, asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
17 Ngokuba thina esibaningi siyisinkwa sinye, simzimba munye, ngokuba thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
18 Bhekani u-Israyeli ngokwenyama; abadla imihlatshelo abahlanganyeli ne-altare na?
19 Ngithini-ke? ukuthi isithombe siyinto, noma lokho okuhlatshelwe izithombe kuyizinto na?
20 Kepha ngithi: Okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu;
21 Aninakuphuza indebe yeNkosi nendebe yamademoni; anikwazi ukuhlanganyela etafuleni leNkosi nasetafuleni lamademoni.
22 Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?
23 Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; kuvunyelwe kimi zonke, kepha akwakhi zonke.
24 Makungabikho ozifunela okwakhe, kodwa kube yilowo nalowo inotho yomunye.
25 Konke okuthengiswa esilawini kudleni, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza;
26 Ngokuba umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo.
27 Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya; kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.
28 Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;
29 Kangitsho unembeza, kungeyisiwo owakho, kodwa owomunye;
30 Ngokuba uma ngihlanganyela ngomusa, ngithukwa ngani ngalokho engikubongayo na?
31 Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
32 Ningabakhubekisi amaJuda, nabezizwe, nakulo ibandla likaNkulunkulu;
33 njengalokhu nami ngithokozisa bonke ezintweni zonke, ngingafuni inzuzo yami, kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.